KONKE NGEZINQUMO ZABAGCINI BESIKHWAMA 

Uma kunomondliwa nabaqokwa 

Omondliwa bangunoma ngubani obophezeleke ngokusemthethweni ukubanakekela ngokwezimali noma yinoma ngubani ongabophezelekile ngokomthetho ukubanakekela ngokwezimali kepha oncikile ngokokunakekeleka ngezimali kuwe Lokhu kubala umaqondana wakho kanye nazozonke izingane zakho zegazi kanye nalezo ozithole ngomthetho. Umaqondana umuntu oshade naye ngokwemithetho yase Ningizimu Afrika, ngokwemithetho yenkolo yakho noma ngokuhlanganiswa ngokwesintu, okanye uma usuhlale naye isikhathi eside ndawonye seninesikhathi eside ninobudlelwano. Abaqokwa abantu noma izinhlangano oqoka ukuzabela izimali zakho zempesheni – laba kusengaba ngomondliwa abasemthethweni nabancike kuwe ngakho konke, kodwa ungebafake. Uma kunomondliwa nabaqokwa, Abagcini Besikhwama kumele babheke bonke omondliwa nabaqokwa. Abagcini benza isinqumo ngenani lezimali (uma zikhona) zokushona kwelungu elizokhokhelwa umuntu ngamunye. 

Uma kunomondliwa ababhaliwe (bekhona noma bengekho abaqokwa) 

Uma kunomondliwa nabaqokwa, Abagcini Besikhwama kumele babheke bonke omondliwa. Abagcini Besikhwama banganquma ukwaba ingxenye yezimali: 

● Koyedwa womondliwa 

● Abanye bomondliwa 

● Bonke omondliwa. 

Uma kunabaqokwa kuphela 

Uma kunabaqokwa, kodwa bengekho omondliwa, izamba (noma indlenye yazo njengoba usukubekile kulelifomu) ziyokhokhelwa umqokwa ngamunye. Noma iyiphi imali esale emuva kokukhokha ingxenye kubaqokwa, iyokhokhelwa kwi estate yakho. 

Uma Bengekho Omondliwa nabaqokwa ababhaliwe 

Uma bengekho omondliwa nabaqokwa izimali zelunga elishonile (kususwa izikweletu ezivumeleke ukukhokhwa ngokusemthethweni) ziyokhokhelwa kwisikhwama sakho samafa noma, uma kufanele, esikhwameni sabagcini mafa. 

Izingane (abantwana abangaphansi kweminyaka engu 18) 

Uma abondliwa noma abaqokwa bengaphansi kweminyaka engu 18 (beyizingane), abagcini besikhwama banelungelo lokukhokha izimali ezabelwe izingane kwisikhwama sabazuzi. 

Izimali Ezisisiwe Zemindeni 

Abagcini besikhwama banelungelo lokukhokha inani elabiwe elifanele kwisikhwama sezimali ezisisiwe zomndeni wakho. 

Intela 

Noma yiyiphi intela yezimali, kanye nezimali okumele zikhokhwe ngokwemithetho yezigatshana u-37A Kanye no-D womthetho sisekelo wezezimpesheni (kubalwa izimali mboleko zokulungisa imizi kanye nezinkokhelo ngokwemiyalelo yenkantolo), ziyokhishwa kwisamba esizotholakala ngaphambi kokukhokhelwa omondliya nabaqokwa. 

Lolulwazi aluhambelani nezimpesheni noma imishwalense yezimpesheni zangaphandle kwesikhwama 

Lapho imithetho inezidingo ezikhethekile zezimpesheni ezikhokhelwa omaqondana noma omondliwa, izimpesheni ziyokhokhwa ngokwalezo zidingo, hhayi ngokolwazi olukuleliphepha. Izidingo ezibekwe kuleliphepha azisebenzi kunoma yimuphi umshwalense noma ikhava yempilo yakho etholakala ngaphandle kwesikhwama. 

Uhla lwangaphambi kuka 1989 aluthinteki 

Uhla lwabaqokwa olwenziwe ngaphambi komhlaka 30 June 1989 alusasebenzi luzodinga ukwenziwa kabusha. 

AMAPHUZU ABALULEKILE UKUWAQONDA NGALELIFOMU 

Ngokomthetho sisekelo wezimpesheni, abagcini besikhwama bazosebenzisa uhla olubhale kulelifomu ukubasiza ukuba benze izinqumo ezinobulungiswa ngokwabiwa kwezinzuzo kulaba: 

● Abantu abancike kuwe (omondliwa) 

● Abantu abangancikile kuwe, kodwa obakhetha (obaqokela) ukuthola ingxenye yezimali zakho uma sewushonile (abaqokwa). 

Yize abagcini besikhwama bengadingi ukunikeza ingxenye yezimali kubaqokwa nomondliwa obabhala lapha, bazolucubungula lolulwazi uma bethatha isinqumo sabo. Kubalulekile ukuthi ugcwalise ifomu elisha njalo uma kunoshintsho komondliwa nabaqokwa bakho, nokungaholela ezimweni ezishintsha impilo njengokushona komondliwa noma umqokwa wakho.